Ngilakha kanjani iqembu ku-SplitEase?

Iqembu ligcina izindleko ozihlanganyela nabantu abafanayo, njengabantu ohlala nabo noma abangani enihamba nabo. Zonke izindleko ku-SplitEase zingaphansi kweqembu elithile.

Izinyathelo

  1. Kuthebhu ethi Ikhaya (Home), thepha + Okusha (+ New) eduze kwamaqembu akho.
  2. Thepha isithonjana ukuze ukhethe i-emoji yeqembu, bese uthayipha igama.
  3. Ngaphansi kokuthi Imali (Currency), khetha imali ezosetshenziswa kakhulu ezindlekweni.
  4. Thepha Engeza kubantu bokuxhumana noma ngenombolo yefoni (Add from contacts or by phone) ukuze wengeze abangani asebevele besebenzisa i-SplitEase. Ungakweqa lokhu futhi umeme abantu kamuva.
  5. Thepha Dala (Create).

Uhlelo Lwamahhala luvumela amaqembu afika ku-3. I-SplitEase+ isusa lo mkhawulo.

I-app ye-SplitEase ayikatholakali ngalolu limi. Amagama ezinkinobho asemabakaki yiwona ozowabona esikrinini.

Imibuzo ehlobene

Usadinga usizo?

Sibhalele futhi umuntu weqembu le-SplitEase uzokuphendula.

Xhumana nosizo
Ulimi: isiZulu