Ngikhokhelana kanjani nomuntu?

I-SplitEase ilandelela ukuthi ubani okweleta ubani, kodwa ayiziphathi izinkokhelo. Khokha omunye umuntu ngendlela ojwayele ukukhokha ngayo, bese uyirekhoda ku-app ukuze amabhalansi enu nobabili abuyekezwe.

Izinyathelo

  1. Vula iqembu bese uthepha Khokhelana (Settle up).
  2. Uma ukhokhele umuntu, thepha Rekhoda inkokhelo (Record payment) eduze kwegama lakhe, uhlole inani bese uqinisekisa. Ungarekhoda ingxenye yalokho okukweletayo.
  3. Uma umuntu ekukhokhele, thepha Maka njengokutholiwe (Mark as received) eduze kwegama lakhe bese uqinisekisa.

Ukuze ubone izinkokhelo ezedlule, thepha Umlando (History) kusikrini esifanayo.

I-app ye-SplitEase ayikatholakali ngalolu limi. Amagama ezinkinobho asemabakaki yiwona ozowabona esikrinini.

Imibuzo ehlobene

Usadinga usizo?

Sibhalele futhi umuntu weqembu le-SplitEase uzokuphendula.

Xhumana nosizo
Ulimi: isiZulu